Ilungelo lokuqhuba ibhizinisi lezimayini yimvume enikezwa wumbuso ekhishwa wuMnyango wezemaMinerali ne-Eneji enikeza wena igunya lokwenza umsebenzi wokumba amaminerali endaweni ethize.
Iplani yezezimali ihambisana nomsebenzi wokufunana nomcebo wezimali waso sonke leso sikhathi.
Uma kungeke kwaba nokungcoliswa komoya nendalo noma ukulinyazwa kwesimo sendalo okuzokwenzeka ngomsebenzi wokufunana nomcebo wamaminerali.
Yenza isicelo kwihhovisi likaMininjela weRijini woMnyango wezamaMinerali ne-Eneji kwirijini lapho kutholakala khona lowo mhlaba.
Gcwalisa iFomu D: Yenza isicelo sokuqhuba ibhizinisi lemayini elitholakala kwihhovisi likaMininjela weRijini . Ifomu lingatholakala nakule-website, kuleli khasi.
Ifomu kumele lihambisane nemali ekhokhelwa isicelo njengoba ibekwe ngu-Regional Manager.
Ukwazisa kanye nokuthintana nabo bonke abathintekayo ezinsukwini ezingu-180 ukusukela ngosuku lwenothisi.
U-Regional Manager uzokwazisa ngokubhala uma isicelo sakho sivunyiwe, lokhu kusho ukuthi isicelo sakho sihambisana nazo zonke izidingo, lokhu uzokwenza ezinsukwini ezingu-14 ngemuva kokuthola isicelo kanye nokukulayela ukuthi uxhumane nomnikazi womhlaba, ohlezi kulowo mhlaba ngokomthetho, kanye nabanye abathintekayo.
Uma ungqongqoshe enqabela ilungelo lokumba amaminerali, kumele akwazise ngokubhala, ezinsukwini ezingu-30, achaze izizathu zokwala.
Umnyango uzobeka izindleko, kanti le mali ayibuyiselwa kuwe.
Inani lezindleko liyahluka kuye ngeminerali ofuna ukusebenzana nayo.
